Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Usekela khomishana wamaphoyisa kuzwelonke obhekele ukuhlonzwa kobugebengu, uShadrack Sibiya, usenxuse izinkantolo ukuthi ziqoke amajaji azolalela isicelo sakhe sokuthi abuyiselwe emsebenzini.

USibiya wanikezwa ikhefu eliyisipesheli kulandela ukuvela kwezinsolo zenkohlakalo athinteka kuyo.

Lezinsolo zenziwa ukhomishana wamaphoyisa aseKZN uNhlanhla Makhwanazi.

Ufaka lesicelo nje, namuhla, ikhomishini kaMadlanga ezophenya ngalezinsolo imemezele ukuthi kuzobambezeleka ukuqala kwayo uphenyo ngenxa yokuthi azikathengwa izimpahla ezibalulekile ukwenza lomsebenzi.

Nokho, uSibiya usamile ekutheni akenzanga lutho yena.

“Angikaze ngagxambukela kwezombusazwe nakwezobulungiswa, futhi akukwazi ukuthi ngabe imina ngedwa owagxambukela, baningi kakhulu abantu ohlelweni lakuleli, kungani ngibhecwa ngobende inyama ngingayidlanga?”

Uqhuba ngokuthi imigudu efanele ayilandelwanga.