Skip to main content


By: Sthulile Mdletshe

Ungqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal u-Nomagugu Simelane uthi umnyango wakhe uzobathathela izinyathelo zomthetho labo abavimba iziguli ezikhungweni zezempilo zikahulumeni bafune zikhiphe izitifiketi zokuzalwa noma omazisi ukuze zithole usizol wezempilo.

USimelane usho kanje kulandela imibiko ethi kuneqeqebana labantu eliphazamisa iziguli ikakhulukazi lezo ezivela emazweni angaphandle ezikulelizwe ngokungemthetho.

Uthi akekho umuntu onelungelo lokuphazamisa umsebenzi wezikhungo zezempilo nokuvimbela abantu abazofuna usizo lwempilo, futhi ukwenza njao kuyicala.

USimelane usekhuthaze umphakathi ukuthi ubike noma yiziphi izigameko ezinjalo, waphinda waxwayisa ngokuthi labo abenza lokhu bazoyikhotha imbenge yomile.