By: Zilungile Mkhize
Usomlomo wePhalamende uThoko Didiza usenxunse abantu besifazane ukuthi babambe iqhaza ezinhlelweni zokuthuthukisa kuvikelwe imiphakathi.
Ekhuluma engqungqutheleni yosomlomo besifazane, ebanjelwe phesheya kwezilwandle e-Switzerland, uDidiza uthi sekuvamisile ukuthi imbokodo ishiywe ngaphandle ezingxoxweni nasezinhlelweni zobuholi kanye nezokuxazululwa kwezinkinga zezimpi.
Usetshele lengqungquthela ukuthi kumele kuqhakambiswe namagalelo abesimame abasezikhundleni zobuholi, ukuze kukhuthazwe ukusebenzisana, ukulingana kanye nokuthula emazweni.
UDidiza usegcizelele nokuzibophezela kweNingizimu Afrika ekuthuthukiseni izinhlelo zabesifazane, ecela ukuthi kwande nobumbano emigomweni yokunqanda ukucwasa ngokobulili.



