By: Nompendulo Ngubane
UNgqongqoshe wokuBusa NgokuBambisana eKZN, uThulasizwe Buthelezi usesigxekile isenzo sokuvalelwa amasango emahhovisi kamasipala wesifunda uMkhanyakude eNyakatho nesifundazwe.
Lokhu kulandela ukuthi uButhelezi ehambele lo masipala ngenhloso yokwethula umlawuli nokunguyena ozobheka ukusebenza kukalo masipala njengoba ethi ziningi izinkinga ezibhekene nawo.
Lo masipala wafakwa ngaphansi kweso lomlawuli yisigungu sesifundazwe emva kokubona ukuthi umasipala awenzi kahle okubalwa nokuphathwa kwezimali ngokuchaza kuka Ngqongqoshe.
Namuhla ungqongqoshe uhambele amahhovisi alo masipala kodwa wangakwazi ukungena ngaphakathi njengoba evalelwe ngaphandle kwamahhovisi wagcina ekhulume namakhasela ngaphandle kwamahhovisi.



