Skip to main content

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi u-Sisisi Tolashe usegqugquzele ukubambisana phakathi kwamaKhosi, abomthetho kanye nezinhlaka zomphakathi ukulwisana nokuhlukunyezwa kwezingane.

UTolashe namhlanje use Manguzi enyakatho ye KZN njengoba lenyanga ka May kungeyokugqugquzela ukuvikelwa kwezingane. 

Oyisikhulumi somnyango uBathembu Futshane uthi umaspala wesifunda Umkhanyakude uhamba phambili ngesibalo esiphezulu sokukhulelwa kwezingane njengoba kusukela ngo January kuya ku March kulonyaka sekunezingane ezingu-11 ezizalwe yizingane ezineminyaka ephakathi kuka 10-14 ubudala kulesifunda.