By: Buhle Mbele
Usekela kakhomishana wamaphoyisa kuzwelonke osamisiwe uShadrack Sibiya uwufakazi wesithathu ovela phambi kwe Ad-hoc Committee ePhalamende.
Njengamanje amalungu alelikomidi adingida udaba lokuthi ilunga le uMkhonto weSizwe Party uDavid Skhosana kanye noweDemocratic Alliance uLisa Schickerling ukuba khona kwabo mekuqhubeka ukulalelwa ubufakazi bukaSibiya kuzobanga ukungqubuzana.
Lokhu kungenxa yokuthi laba bafake isikhalazo ngoSibiya ngaphambi kokuthi avele namhlenje.
Kanti ngesonto eledlule ngenkanti amaphoyisa eshaqa izimpahla kwaSibiya kungazelele muntu, utshele abezindaba ukuthi ukhathazekile ngesiphithithi esikhona njengoba sekuzovela yena kulekomidi ePhalamende.





