By: Pamella Majola
Inkantolo yaseMadadeni entshonalanga esenyakatho yeKZN isigwebe umlisa oneminyaka engu 33 ubudala odilika jele ababili kanye neminyaka engu 8 ngaphezulu ngemva kokulahlwa amacala okudlwengula kanye nokubamba inkunzi endaweni yasOsizweni.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa iNPA eKZN uKhethokuthula Sangweni uthi lomlisa wagasela emzini okulendawo wafuna omakhalekhukhwini, wabe esedlwengula owesifazane oneminyaka engu 23 ubudula, kanye nentombazanyana eneminyaka engu 12 ubudala.
USangweni uthi lomlisa wenza lesenzo ephindelela; emva kwalokho, waphuma wabaleka.
“Ngaphezu kodilikajele, inkantolo ithe lomlisa akasafanele ukuba nemvume yokuphatha isibhamu futhi igama lakhe kumele linamekwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-NPA ilinyusile igiya ekulweni nodlame lobulili kanye nokuhlukunyezwa kwezingane, ikwenze lokhu ngokuthi inyuse isibalo sama Thuthuzeloa care centre sisuka kwawu-55 kusukela ngonyaka ka-2020 kuya ku-2021, kanti asengu-66 kumanje,” kubeka uKhethukuthula Sangweni
Uqhuba ngokuthi i-Thuthuzela care centre ayisikhungo esikahle kulabo abasuke benukubezwe ngokocansi lapho abathola khona ukwesekwa nokwelashwa. Kanti banethemba lokuthi lesigwebo sizokhombisa nabanye ukuthi i-NPA izimisele ukulwa nodlame lobulili.


