By: Pamella Majola
Inkantolo yesfunda eMtubatuba enyakatho ye KZN isigwebe uNkosinathi Mtshali oneminyaka engu 29 ubudala udilikajele ngemva kokuthi elahlwe yicala lokubulala intombi yakhe.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa i-NPA eKZN uKhethukuthula Sangweni uthi uMtshali wagila lomkhuba ngo April wangonyaka owedlule ngemva kokuthi intombi yakhe le imalile.
uSangweni uthi uMtshali wabe esezinikela emaphoyiseni, wagonyuluka ngokubulala u-Sanele Buthelezi.
Uqhuba ngokuthi wanika amaphoyisa ngisho nommese amgwaza ngawo.
“Ngaphezu kwesigwebo sikadilikajele, inkantolo ithe uMtshali akafanele ukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
-Mtshali.
I-NPA iyakwamukela ikuphothulwa kodaba ngempumelelo, sigcizelela isikhungo sethu esilwa nodlame olusekelwe ubulili. Sizoqhubeka silwele ukuthi ubulungiswa benzeke ngokukhulu ukushesha.”


