By: Pamella Majola
Inkantolo yesifunda eNquthu enyakatho yeKZN isigwebe umlisa oneminyaka engu-41 ubudala, ngecala lokudlwengula ingane ayizalayo.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa i-National Prosecuting Authority eKZN uKhethokuthula Sangweni uthi lesigameko senzeka ngo-2022, kanti ingane, yayineminyaka engu-5 ubudala ngalesosikhathi.
Uqhuba ngokuthi ingane le yayihlala naye ubaba wayo, kwathi emva kwezinyanga umama wayo ezoyibona, watshela omakhelwane ngalesigameko.
uSangweni uthi lomlisa wazivumela ngokwakhe ngokugila lomkhuba.
“Ngaphezu kwadilika jele, inkantolo inqume ukuthi ummangalelwa akafanelwe ukuthi abenemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lizofakwa ohlwini labantu abanukubeza ngokocansi. I-National Posecuting Authority iyasamukela isigwebo. Ama cala afana nalawa aveza ukuzimisela kweNPA ukulwela ubulungiswa ikakhulukazi abagilwa ababutha okuyizingane,”kusho uSangweni.



