Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Owayeyinhloko yamajaji kuleli uRaymond Zondo useveze ukuthi kunenkohlakalo edla lubi kuleli ezingeni likaHulumeni.

UZondo wethule inkulumo yakhe engqungqutheleni iAnti Corruption ekuhloswe ngayo ukubhunga ngamasu okulwisana nobugebengu obubhidlange kulelizwe.

Enkulumweni yakhe wenze umzekelo ngenkohlakalo edinga ukukhucululwa, nathi ishaywa indiva ngamasibomu uHulumeni.

“Nizokhumbula ukuthi eminyakeni embalwa edlule umengameli waqoka ungqongqoshe thizeni njengomunye wongqongqoshe kwikhabhinethi yakhe, nokwagcina sekususa imibuzo kwabezindaba ngezicucu zakhe zezemfundo. Kodwa kwathi uma umengameli ebuzwa ukuthi umqoka kanjani lowomuntu ekubeni kusanalemibuzo, waphetha ngokuthi kuzolindwa imiphumela yophenyo,” kubeka uZondo.

Uqhuba ngokuthi akuyona indlela lena ekumele umholi oqotho engabe uphendula ngayo.