By: Bright Ntuli
Abalisa abathathu sebeboshiwe ngezinsolo zokuthumba kanye nokubulala amalungu angu-7 omndeni owodwa KwaDukuza enyakatho yeTheku.
Izidumbu zalaba zitholwe esigangeni namhlanje ekuseni kanti kukholakala ukuthi bathunjwe ekhaya labo eNewton ngoLwesibili ebusuku maqede babulawelwa eMelmoth enyakatho ye KZN.
Kubikwa ukuthi owesifazane obengumsizi wasekhaya lezisulu ufike endlini izolo ekuseni ezosebenza wathola kukhala ibhungezi futhi kunezinkomba zokuthi kugqekeziwe, wabe esebiza amaphoyisa.
Oyisikhulumi samaphoyisa aseKZN uRobert Netshiunda uthi uphenyo lwabo lubaholele endaweni yase Hlomendlini, nokuyilapho bethole khona abasolwa ababili
Uthi ke omunye walabasolwa utholwe nomakhal’ekhukhwini wesinye sezisulu ekade zithunjiwe, kanti umkhondo uholele amaphoyisa endaweni yase Dendetu eSundumbili nalapho efike abopha khona umsolwa wesithathu.
Uqhuba ngokuthi lomsolwa utholwe namaselula angu-11.



