Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Inhlangano yamatekisi, i-SANTACO eKZN, ithi ukwenyuka kwentengo ka-petrol kanye no-diesel kuyabathinta abagibeli njengoba lemboni izophoqeleka ukukhuphula imali yokugibela kungekudala.

Lenhlangano isho kanje ngesikhathi ibambe umkhuleko ePietermaritzburg, obuhlanganise osomatekisi bezifunda kanye nobuholi balenhlangano eKZN.

Lomkhuleko ubeke phambili ukuphepha emgwaqeni kanye nozinzo embonini yamatekisi.

Usihlalo weSANTACO kulesifundazwe uBoy Zondi, uthi nakuba singakabi khona isinqumo esisemthethweni esesithathiwe ngokukhuphuka kwemali yokugibela, kodwa uma isimo singashintshi nakanjani kuzomele yenyuswe.

“Ngendlela udizili no petrol onyuke ngayo, uma sifika emagaraji sigcina sishaqeka kwayithina ukuthi sizodlula kanjani- sithe ke siyimboni KwaZulu-Natali asikwazi ukunganyuki, izimo esizithola sikuzona ziyaphoqa ukuthi kuzofanele imboni igcine inyuka,” kubeka uZondi.

Uqhuba ngokuthi nokho imboni ibingakasithathi isinqumo sokuthi nini, okwamanje basanesifiso sokubona ukuthi lokho ekuthiwa kuzokwenzeka ngo-May, njengoba kubikwa ukuthi kuzoba khona ukunyuka okumangalisayo, kuzokwenzeka yini.