Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Isikhungo esibhekelele izibonelelo zikahulumeni uSASSA sithi sizoqhubeka nokubuyekeza izibonelelo zikahulumeni, ezitholwa abantu ngokungafanele ngenxa yokuthi banezinye izindlela zokwenza imali abangazidalulile.

Okhulumela uSASSA, u-Andile Tshona uthi laba abahlomulile kulindeleke ukuthi bazethule emahhovisi alesikhungo ukuze kubhekisiswe ukuthi bakufanele yini ukuthola isibonelelo noma cha.

Uqhuba ngokuthi loluhlelo luzogxila kakhulu kubantu abavelayo ohlwini lwalabo abasebenzayo futhi abanemiholo esondele noma leyo edlula ithreshhold, ikakhulukazi uma lemiholo yayingavezwangwa ngesikhathi befaka izicelo.