By: Nompendulo Ngubane
Abashayeli bezithuthi zomphakathi i ehailing eMaritzburg maphakathi nesifundazwe bathi bazoqhubeka nokweseka ozakwabo ababoshwe ngoba bemataniswa nesigameko sokubulawa kowesilisa owayebamba inkunzi omunye wabashayeli.
Lesi sigameko senzeke ngo Msumbuluko eMbali Unit 3 nalapho kubikwa ukuthi lo mlisa wayezama ukubamba inkunzi umshayeli we e-hailing kodwa wagcina ngokushona emva kokushaywa umphakathi.
Lesi sigameko senzeka nje abashayeli baloluhlobo lwezimoto bayaqhubeka nokubhekana nezinselelo zokubanjwa inkunzi baphinde baphucwe nezimoto.
Namuhla abashayeli babuthane enkantolo ka Mantshi ePietermariztburg ukuzokweseka abalingani babo abangu 4 okumanje baboshiwe.
UNobhala wesifunda UMgungundlovu kwi e- hailing uSbangani Ngxongo usechazele izindaba zeGagasi FM kabanzi ngalesigameko.
“Enye yezimoto ze e-hailing udriver wekade e involved ekubanjweni inkunzi emva kwaloko wazisa abanye abeseduze nendawo yase Mbali, ukuthi naku esevelelwe isigameko sokubanjwa inkunzi. Umphakathi wabe usuthatha isinqumo sokuzithathela umthetho ngezandla zawo, wagcina edlula emhlabeni omunye wezigangi.
“Ngokuqhubeka kwesikhathi ngolwesihlana kube sekuboshwa ozakwethu abathathu, kwathi ngomgqibelo kwase kuboshwa oyedwa,” kubeka uSIbangani Ngxongo.


