Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

I-Operation Dudula eKZN nokuyinhlangano elwisana nabokufika abangenawo amaphepha ezimvume zokuhlala kulelizwe, ithi izoqhubeka nokweseka umndeni wentombazanyana eneminyaka engu-10 ubudala okusolwa ukuthi idlwengulwe umlisa ongowokufika kuleli.

Umsolwa uSamuel Jeffery uvele enkantolo ka Mantshi eMaritzburg maphakathi nesifundazwe namuhla kanti icala lakhe lihlehliselwe umhla zingu-5 June.

Inkantolo iveze ukuthi izoqhubeka imgcine ngaphakathi esitokisini u Jeffery ongowokudabuka ezweni lase Mozambique kanti usaqhubeka nokuliphika icala abhekene nalo.

Umdidiyeli we Operation Dudula uScelo Mlaba usebeke kanje mayelana nokweseka kwabo umndeni wesisulu.

“Kubuhlungu ukuthi ingane encane ngaloluhlobo izithole isiyi victim yesimo sokuthi iyadlwengulwa, okhathaza kakhulu ukuthi umuntu owenze lento akuyena owakuleli.”

Uqhuba ngokuthi okwabo njenge Operation Dudula ukuthi banxenxe uhulumeni ukuthi akelekele umphakathi wakuleli ngodaba lwabokufika.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/0zQ0rRvmm8wJyqQ&podcast_id=fe89dd99-2556-477e-bbe0-e59bb4c862b8″ width=”100%” height=”200″]