Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Umlisa owasinda ephethwe umdlavuza wabesilisa iProstate cancer, uDumisani Pakkies usekhuthaze amadoda ukuthi azwane nokuvakashela imitholampilo ukuyohlola isimo sawo sempilo, ikakhulu isifo somdlavuza.

uPakkies, nodabuka eMlazi eningizimu yeTheku, wathola ukuthi unomdlavuza wabesilisa ngo-2020, nowawusifinyelele esigabeni sesithathu, yize ayengakaze abone izimpawu zokugula.

Ekhuluma ohlelweni lwamasonto onke lomnyango wezempilo eKZN, lomlisa uthi maningi amadoda angazazi ukuthi amiphi ngesimo sawo sempilo, njengoba kukhona nezifo ezicashayo emzimbeni zivele sekukubi kakhulu.

Uthi yize impi yakhe nalomdlavuza yayinzima, kodwa ukubekezela nokulandela imiyalelo yodokotela yokudla imishanguza yakhona, kwaqinisekisa ukululama kwakhe aphinde abe ngumqemane.