Skip to main content

By: Phakeme Mnguni

Umndeni wentombazane eneminyaka engu-21 ubudala  efunda esikhungweni semfundo ephakeme i Berea Technical College, eThekwini, uthi awusazi uthatheni uhlanganise nani kulandela ukunyamalala kwendodakazi yawo.

U-Asemahle Maqolo ongumfundi wezobuntatheli kulesikhungo, nodabuka e-Eastern Cape, wagcina ukubonakala ngomhlaka 27 ngenyanga edlule, enkabeni yedolobha iTheku, kanti intombazane ahlala nayo endlini ibika ukuthi waphuma eyocwala izinwele.

Umama kaMaqolo usetshele izindaba zeGagasiFM ukuthi useze waphoqeleka ukuthi alaxaze umsebenzi wakhe e-Eastern Cape, azobheka indodakazi yakhe eThekwini.

Uthi emuva ekhaya ushiye izingane ezimbili, eyodwa kuzo eneminyajka engu-3 kanye nengu-14 ubudala. Uthi akekho omunye umuntu omsizayo njengoba izingane zakhe zingasenaye uyise.

Uqhuba ngokuthi okubuhlungu kakhulu ukuthi namaphoyisa ahudula izinyawo ekutholeni ingane yakhe. 

Lowesifazane abehlala naye emqashweni wabafundi uthi ngosuku olwandulela ukunyamalala kuka Asemahle, kunentombazane ebingumngani wakhe eyafika izomfuna ngoshova, yazibiza ngegama okungelona.

“Lentombazane yafika yathi ifuna u Asemahle futhi kuyashesha, kanti kuthe uma ngiyibuza ukuthi ufunwa ngubani yangitshela ukuthi ufunwa ngu-Anele. Kwathi uma ngimutshela ukuthi ubefunwa intombazane enaleligama wathi akayazi kepha wazi u Andiswa, nosekuvele ukuthi waziwa ngamagama amaningi- abanye bamazi ngokuthi ungu Andiswa, Amahle kanti abanye bamazi ngelika Mangcobo.”

Kanti imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ngaloludaba ayiphumelelanga.