Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

I-ANC eKZN isiveze ukuthi imeya yakwaDukuza, enyakatho yesifundazwe esanda kuxoshwa esikhundleni u Muzi “Ali” Ngidi kuzomele ikhokhe imali yomkhandlu eqondene nemoto ebiziqashele yona.

UNgidi usolwa ngokuxhaphaza izinsiza zomkhandlu nokungaziphathi kahle.

UNgidi nesekela lakhe uNjabulo Cele bafake izincwadi zokwesula kuleli sonto emva kokuthi umkhandlu we ANC uhlanganile waphuma nesinqumo sokuthi ibhantshi ligcwale umoya kubona bobabili.

OnguMgqugquzeli wethimba le ANC elibhekelela ukusebenza kwesifundazwe uMike Mabuyakhulu uphinde waveza ukuthi ngokulandela imigudu yeqembu bazoqinisekisa ukuthi abantu abazongena ezikhundleni zabo bazokhethwa ngokushesha.