By: Zilungile Mkhize
Unobhala jikelele we ANC uFikile Mbalula uthi bayaseseka isinqumo sokumiswa kwezinhlelo zokwenyuswa kwentela yentengo iVAT, nathi kuzosiza kakhulu ngakwezezimali emakhaya amaningi.
UMbalula usho kanje ngesikhathi ehlangene namanye amalungu ezinhlangano ezingaphansi kuka hulumeni wobumbano iGNU, lapho bebechaza khona mayelana nesinqumo nge-VAT.
Uthi isabelo mali esathulwa nguNgqongqoshe wezezimali uEnoch Godongwana, sasivele silungile ikakhulukazi njengoba manje sekukhishwe udaba lokwenyuswa kwe VAT.
Uthi wonke umuntu ezweni usezokwazi ukuphefumula kangcono, njengoba ingeke isanyuka iVAT, okumanje ihlezi ku 15%.
Lalela izindaba eziphelele ngezansi:
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/LVZ18xy2YrxQn3qQ&podcast_id=d49ba949-0d05-40b6-91af-75cf2f4cdda9″ width=”100%” height=”200″]