By: Zilungile Mkhize
Umengameli we Cosatu uZingiswa Losi, usenxuse ithimba le G20 elibhekelele ezemisebenzi kanye nokuqashwa, ukuthi libeke eqhulwini izinhlelo zokuletha amathuba afanayo kuwowonke umuntu, ukuze kuthuthuke imphakathi.
Ekhuluma eThekwini, uLosi unxuse ukuthi lelithimba, nokuyi Task Force One ligxile ekuqhamukeni namasu okuxazulula izinkinga zabasebenzi kuphinde kuthuthukiswe nezimboni.
Uthi sikhulu nesidingo sokunciphisa ukungalingani kwabasebenzi, khona kuzovikeleka amalungelo abo bonke ngendlela efanayo.
Lalela izindaba eziphelele ngezansi:
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/zpMNn86w89v249qQ&podcast_id=da061f93-1f49-4c9d-92a1-db8a83145676″ width=”100%” height=”200″]