By: Sthulile Mdletshe
Umholi we DA u-John Steenhuisen usenike u-Mengameli Cyril Ramaphosa umnqamulajuqu wezinsuku ezimbili zokuthi abuyisele ilunga le DA u-Andrew Whitfield, esikhundleni.
Lokhu kulandela isinqumo sika Ramaphosa sokuxosha u-Whitfield esikhundleni njengoba kade engusekela ngqongqoshe emnyangweni wezoHwebo, izimboni nemincintiswano.
USteenhuisen uthi akukho la uRamaphosa angakhomba khona ukuthi uWhitfield ubengawenzi ngendlela umsebenzi wakhe.
Uthi uRamaphosa ukhombise ukuba mbaxambili ngalesi sinqumo kanti ke uma engalilungisi leli phutha, i-DA izophuma kuhulumeni wobumbano kuzwelonke phecelezi i-Government of National Unity.
Uqhuba ngokuthi njengeqembu, bazobabonisa bonke ozakwabo kuhulumeni wobumbano ukuthi abazenzi izethembiso ezingekho nokuthi iqembu le DA lingakwazi ukuzimela lodwana ukuyisa phambili iNingizimu Africa.