By: Phakeme Mnguni
Iqembu i-DA lithi selithathe isinqumo sokushenxa ekubeni yingxenye ye-National Dialogue, kepha lisazoqhubeka libe yingxenye ye GNU.
Ukuphawula kwe DA kuza emva kokuthi inike uMengameli uCyril Ramaphosa umnqamulajuqu ka 48 hours ukuthi axoshe ongqongoshe be ANC abangenzi kahle noma abuyisele esikhundleni u-Andrew Whitfield.
U-Whitfield uxoshwe isigubhukane esikhundleni sokuba ngusekela ngqongqoshe emnyangweni wezoHwebo, izimboni nemincintiswano emva kokuthi ethathe uhambo oluya phesheya olungagunyaziwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNational Dialogue inguhlelo lwezingxoxo olusungulwe nguRamaphosa lokuhlanganisa izwe ngemuva kokhetho lwangonyaka odlule, lapho iqembu aliholayo i-African National Congress lilahlekelwe ngamandla okuba yiqembu elibusayo ePhalamende okokuqala ngqa eminyakeni engu-30, nokwaphoqa ukuthi ligcine selibambisana neDA ukuze kubunjwe uhulumeni.
Umholi we DA uJohn Steenhuisen uthi ke isigungu esiphezulu seqembu besisezinhlelweni zokwethula isiphakamiso sokungabethembi ubuholi buka Ramaphosa ephalamende, kepha sagcina sesinquma ukuhoxa.
“Uma nje amalungu e-ANC athinteka enkohlakalweni esangamalungu esigungu esiphezulu, eqhubeka nokudukisa iphalamende futhi enza nezinye izenzo ezingaqondile, i-DA ngeke iseseke isabelomali somnyango wayo ephalamende, futhi ngeke silibambe iqhaza kwiNational Dialogue,” kubeka u Steenhuisen.
Uqhuba ngokuthi kancane kancane iqembu liyaphelelwa amathemba okuthi unawo amava anele okuba ngumholi wohulumeni wobumbano (GNU).