Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

I-Freedom Front Plus ithi i-ANC akumele yenze sengathi ikhulumela wonke umuntu wase Ningizimu Afrika uma iphawula mayelananodaba lezwe lase Venezuela elinomthetho walo.

I-ANC, nezinye izinhlaka, kanye nenhlangano yezizwe i-United Nations sebesigxekile isenzo seMelika sokugasela kulelizwe bashaqe uMengameli uNicolás Maduro nonkosikazi wakhe, uCilia Florez.

Umholi we FF Plus u Corne Mulder uthi kumele kucace ukuthi ukuphawula kwe-ANC akuwona umuzwa wawo wonke umuntu kodwa kungukuphawula kwayo njengeqembu.

“I-ANC ayikwazi ukukhulumela iNingizimu Afrika yonkana mayelana nezehlakalo zaseVenezuela. I-Freedom Front Plus isiveze kaningi ukuthi i-ANC eqhutshwa yinqubomgomo emelene namazwe aseNtshonalanga, nokungakhombisi indlela wonke umuntu wase Ningizimu Africa azizwa ngayo futhi ayizuzisi iNingizimu Afrika kanye nokuma kwethu ebudlelwaneni bamazwe ngamazwe.

“Iqembu i-FF+ iyasamukela isinqumo nesenzo seMelika ngodaba lika Nicolas Maduru sokuqinisekisa ukuthi uzobhekana nawo wonke amacala asolwa ngawo,” kubeka uCorne Mulder.