By: Thandolwethu Mchunu
IFP eKZN ithi ngeke ikuvumele ukuthi uhulumeni wobumbano kulesifundazwe i-GPU uhlakazeke.
Ubuholi beNkatha bubambe isithangami sabezindaba eThekwini mayelana nekusasa leGPU kanye nelika Ndunankulu wesifundazwe ophinde abe ngusihlalo walenhlangano eKZN uThami Ntuli.
Ukuhoxa kwe NFP kwiGPU sekubeke loluhlaka engcupheni yokuhlalazeka njengoba lungenawo amavoti anele okuligcina emandleni.
Oyisikhulumi se IFP kuzwelonke uMkhuleko Hlengwa uthi sekusetshenzwe kanzima ukuthi kube nozinzo eKZN ngakho bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lobuholi buyaqhubeka nokuba yimpumelelo.
“Angeke sihluleke, lohulumeni wobumbano angeke uhluleke ngoba imizamo yethu igxile ekutheni sivikele isifundazwe kanye nabantu baKwaZulu-Natali.
“Ziphi izingane zabantu eziyiswe e Ukraine? uma sivumela iMK Party ukuba ibe semandleni kuzobe seseka ukuthunjwa kwezingane abantu ziyolwiswa izimpi ezingazazi futhi ezingahlangene nazo,” kubeka uHlengwa.



