By: Buhle Mbhele
I-MK Party isibekele uMengameli uCyril Ramaphosa umnqamulajuqu wangolwesihlanu kuleliviki wokuthi ehle esikhundleni sokuhola lelizwe.
Lenhlangano imuthumele incwadi lapho imyalela khona ukuthi uma esula esikhundleni kuzobe kukhombisa ukuhlonipha lelizwe nowayengumengameli uNelson Mandela, ngoba ngomhla ka 18 July usuku lokubungaza ukuzalwa kukaMadiba.
Ithi uma lokhu kungenzeki, izomthathela izinyathelo zomthetho iphinde ifake isicelo sokuthi akhishwe iPhalamende ngoba ubuholi bakhe abusathembakali.
Okhulumela iMK-P uNhlamulo Ndhlela uthi ngaphezu kwalokhu, ngisho nohulumeni wobumbano lukazwelonke ubukela phansi intando yabavoti.



