By: Sthulile Mdletshe
I-South African Communist Party (SACP) ithi izinkinga eziningi ezibhekene neNgizimu Afrika zidalwa ukuthi ipolitiki isiphenduke umdlalo kanti futhi sekwaba indlela noma ngubani akwazi ukuzizuzela ngayo ephaketheni lakhe.
UNobhala Jikelele, u-Solly Mapaila, uthi lokhu kubonakala kakhulu ezikhungweni zahulumeni lapho usuku nosuku kutholakala iziphathimandla zithinteka kwinkohlakalo
Kuzokhumbuleka ukuthi amakhomanisi ake ahlongoza ukuzimela nokuhlubuka ekubeni idlelalandawonye ne-African National Congress (ANC).
Ngemuva kwalokho abe esebeka imibandela ekumele i-ANC iyilandele ukuze kuzoba khona ukuhloniphana nokusebenzisana okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo.
Mapaila uthi akusiwona umsebenzi we-ANC kuphela ukufukula umnotho wakuleli nokulwisana nokuntuleka kwemisebenzi kodwa nezinkampani ezizimele kumele zibambe iqhaze