Skip to main content

By: Buhle Mbhele

I-IFP isixoshe elinye lamakhansela ayo asebenza kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, enyakatho yeKZN uSipho Mbatha ngezinsolo eziningi abhekene nazo.

Ithi uMbatha usolwa ngamacala okubalwa kuwo nokuqola abantu imali esebenzisa igama leqembu.

I-IFP ithi lesi sinqumo sithathwe ngamalungu esigungu esiphezulu ngazwi linye emva komhlangano oyisipesheli ngasekuqaleni kwale nyanga.

“Emhlanganweni Okhethekile WoMkhandlu Kazwelonke obubanjwe ngoMsombuluko, ngomhlaka 04 May 2026, kwathathwa isinqumo ngazwi linye sokuthi uMbatha axoshwe eQenjini, futhi ngenxa yalokho asuswe esikhundleni sokuba yiKhansela le-IFP PR kuMasipala Wesifunda iKing Cetshwayo.

Amalungu omphakathi ayaxwayiswa ngalobu bugebengu bokukhwabanisa nokuphoqa abantu ukukhokha imali obuhlotshaniswa noMbatha. Noma yimiphi imisebenzi enjalo, kungaba eyangaphambilini noma yamanje, ayigunyaziwe futhi ayikaze igunyazwe yiQembu,” kubeka uHlengwa.