By: Nhlanhla Mbokazi
Ikhaya labantu abadala, i-St Daniels Old Age Home, e-Elandskop, ePietermaritzburg, maphakathi neKZN, selinxuse ukwesekwa ukuze likwazi ukuqhubeka nokunakekela abantu abadala abahlala kulo.
Lelikhaya linakekela abantu asebekhulile abangu-78 futhi lihlinzeka ngendawo yokulala, ukudla okunomsoco, ezokuthutha kanye nezinsiza zezempilo .
Zonke lezidingo zikhokhelwa yilelikhaya elincike kakhulu emnikelweni nasekuxhasweni.
Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM, oyisikhulu kulelikhaya, uMandla Mazibuko, uthi bathembele kakhulu emnikelweni kanye nokwesekwa okuncane eabakutholayo, kodwa lokhu akweneke ukuhlangabezana nezidingo zonke zabantu abadala abahlala kulo.
Ube esenxusa izinhlangano ezizimele ukuthi zifake isandla ekuxhaseni lelikhaya ukuze abantu abadala baqhubeke nokuthola ukunakekelwa okubafanele.



