Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Usihlalo wekomidi elibhekelele ukusebenza kwamaphoyisa ePhalamende, u-Ian Cameron, uthi kumele kwenziwe uphenyo olunzulu futhi oluzimele mayelana nezinsolo ezenziwe ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi.

UMkhwanazi ekhuluma esithangamini sabezindaba ngeSonto usole ungqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu ngokuhlakaza ithimba elaliphenya ngokubulawa kosopolitiki nabaholi bendabuko, ethi ugxambukela nasemsebenzini wamaphoyisa wokuphenya ngamacala athinta ezombusazwe.

UCameron uphawula kanjena njengoba ikomidi elibhekele ukusebenza kwamaphoyisa aphelamende selibenenkulumo mpikiswano eyisipesheli kulandela ukuvela kwalezinsolo, ezithinta namagama ezikhulu zamaphoyisa ekusolwa ukuthi ziyabandakanyeka ebugebengwini.

U-Cameron uthi uma lezinsolo ziyiqiniso, kusho ukuthi inkulu inkohlalakalo edla lubi embuthweni wamaphoyisa.