Skip to main content

By: Phakeme Mnguni

Isidumbu somlisa okungaziwa ukuthi ngubani wakwabani sesitholwe efokozini eliseduzane nomfula eZwelisha entshonalanga yeTheku, kanti eduzane nalesidumbu kutholwe nomunye umlisa obesaphila elimele kanzima.

Onogada bakwa Reaction Unit South Africa babika ukuthi ngesikhathi befika endaweni yesigameko bathole ukuthi umlisa oyedwa ubesevele eshonile enamanxeba okushaywa ekhanda, isebusweni, kanye nasemzimbeni.

Bathi lowesibili yena udluliselwe esibhedlela.

Amalungu omphakathi aseveze ukuthi lamadoda ahlobene ngokozalo kanti futhi bahlala khona eZwelisha.

Imbangela yalokuhlaselwa kwabo ayikaziwa okwamanje kanti amaphoyisa aseqale uphenyo ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala.