By: Pamella Majola
UMaspala waseBaqulusini enyakatho yeKZN usuvule ngokusemthethweni umuzi kagogo uEunice Madela eMayzel-fountain oneminyaka engu-77 ubudala, njengoba ebekade ehlala endlini ebingadilika noma yinini.
UMeya yalomkhandlu uSifiso Mkhwanazi ithi banqume ukwakhela uMadela indlu, emva kokuvula ihholo elingumakhelwane, nokwasusa umsindo emphakathini.
UMkhwanazi Uthi umphakathi wavuka umbejazana ubuza ukuthi kungavulwa kanjani ihholo ekubeni umakhelwane walo ehlala endlini engawa noma yinini.
UGogo uMadela uthi kuyamthokozisa ukwazi ukuthi usezolala ubuthongo, ayeke ukukhathazeka uma kuna imvula.
UMakhelwane wakhe uNomusa Mthembu uthi kuyajabulisa ukuthi umkhandlu uyazifeza izithembiso zawo emphakathini.



