Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Isiqalile ukusebenza intela ka petrol eyengeziwe, ngemuva kokuthi iWestern Cape High Court ichithe isicelo se-EFF sokumisa ukusebenza kwalentela.

Izolo iEFF icele inkantolo ukuthi imise ukwenyuswa kwentela eyengezwa ku petrol, neyamenyezelwa uNgqongqoshe wezezimali uEnoch Godongwana ngenkathi ethula isabelo mali sangalonyaka esibuyekezwe okwesithathu.

I EFF yabeka isizathu sokuthi lokhu kuzofaka ingcindezi kubanikazi bezimoto, abagibeli kanye nabathengi.

Nokho, abameli baka Godongwana basivikele isinqumo sakhe enkantolo, bethi akuyona enye intela le, kodwa ngenye yezindlela zokulawula ukudayiswa kuka petrolĀ  no diesel futhi ungqongqoshe unegunya lokwenza lokhu.