By: Nompendulo Ngubane
Izinhlaka ezahlukene zomphakathi okubalwa nezepolitiki, zithi zizoqhubeka nokweseka umndeni wowesifazane wase Sweetwaters eMaritzburg maphakathi nesifundazwe owabulawa washiswa.
Isidumbu sika Ncamisile Zuma satholwa umfowabo sivutha ngaphandle kwesango lakubo kanti abasolwa ababili uMboneni Bhengu no Sithembiso Zuma abangomakhelwane bomndeni ka Ncami sebeboshiwe njengoba besolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kwakhe.
Izolo inkantolo ka mantshi ePietermaritzburg ilihlehlisele umhlaka 8 May lelicala.
Ovela kwi Progressive Civic Congress, uLucky Mbanjwa nobeyingxenye yabantu abaseka umndeni, uthi abakufisayo ukuthi abasolwa bajeze ngokuthi babhadle ejele ngoba abafanele ukuba semphakathini.
“Abantu abafana nalaba abafanele ukuthola ibheyili, kanti sithi umthetho sengathi ungaba ngasebantwini, ikakhulukazi umndeni ohlukumezekile.
“Siyafisa, engathi umthetho ungabagcina esitokisini kuze kufike isikhathi sokuthi bagwetshwe futhi bagwetshwe ngendlela efanele nangendlela ekhombisayo ukuthi bone kangakanani umphakathini.”