Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Inhlangano ebhekele abafundi emanyuvesi iSASCO isisabise ngokuwavala thaqa amanyuvesi akuleli uma ungqongqoshe wemfundo ephakeme uNobuhle Nkabane engaxoshwa esikhundleni sakhe.

Usekela mengameli weSASCO uPaseka Molete uthi abafundi sebekuveze kaningi ukungenami kwabo ngobuholi bukaNkabane, nokubalwa nokwehluleka kwakhe ukuqoka ibhodi elisha lesikhwama esixhasa abafundi emanyuvesi uNSFAS.

UMolete usho kanje esithangamini sabezindaba eGoli lapho bebethula khona umbiko ngezinto ezithinta inhlangano.

“Sizozivala zonke izikhungo zezomnotho kuleli, ngaphezu kwaloko sizophinde sivale zonke izikhungo zezemfundo ephakeme kuleli. Izwe lethu lizoma nse uma kuza kwezomnotho kuze kufike ekutheni longqongqoshe uyaxoshwa,” kusho uMolete.

Uqhuba ngokuthi ke angeke bakuthole ukuphumula uma uNkabane engakodilizwa esikhundleni.