Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe  

IKhomishana evikela amaLungelo, amaSiko, iNkolo ithi ayinelisekile ngendlela uphiko lokushushiswa kwamacala elusingathe ngayo icala lokudlwengula ebelithinta umfundisi wase Nigeria u-Timoty Omotoso. 

Lokhu kulandela isiqnumo senkantolo  enkulu e-Eastern Cape sokuchitha wonke ama cala ebebhekene nalmofundisi kanye ke nababili abesolwa nabo. 

Kuzokhumbuleka ukuthi u-Omotoso waboshwa ngo-2017 esolwa ngamacala okunukubeza ngokocansi amalunga ebandla  namantombazane angaphansi kweminyaka engu-18.  

Zithula ubufakazi izisulu zaveza ukuthi lomfundisi ubezitika kubona ngokocansi kanti futhi kunamalunga ebandla ebenalo ulwazi ngalokhu. 

USihlalo walekhomishana u-Thoko Xaluva uthi kuyakhathaza ukubona ukuthi ubufakazi obathulwa  yizisulu abuzange bulandelelwe ngendlela efanele. 

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/Rp0JrB6QqPz9B0qQ&podcast_id=3711b968-c75c-4db3-b944-fcb65a594dd7″ width=”100%” height=”200″]