By: Nompendulo Ngubane
Inhlangano engenzi nzuzo i Gatekeepers South Africa nebhekelela ukusebenza kwemithetho emiphakathini mayelana nokusetshenziswa ko phuzo oludakayo isiphakamise ukuthi yenyuswe iminyaka yabantu okumele babe nelungelo lokuphuza utshwala.
Njengoba umthetho wakuleli ogunyaziwe uthi abantu abaneminyaka engu 18 ubudala sebenelungelo lokuphuza nokudayiselwa utshwala le nhlangano ithi iminyaka kumele iphakamiselwe kwengu 21 kuya ku 23 ubudala.
Iphinde yanxusa ukuthi kuvalwe iz’khangiso zeziphuzo ezidakayo ezindaweni zomphakathi…yaqhuba ngokuthi labo abatholakala benza lokho komele banikezwe inhlawulo…ikakhulukazi nalabo abavumela ukuthi izingane ezincane, zingene ezindaweni ezidayisa utshwala.
Kuzokhumbuleka ukuthi imibiko yakamuva iveze ukuthi abantu bakuleli, baphuze kakhulu kulamaholidi njengoba ilinganiselwa ku R400 billion wamarandi imali, etholakale ngokudayisa utshwala ngosuku lukancibijane.
Ovela kuyo le nhlangano u Lizelle Maurice uphinde wagxeka izinkamba zika Faro ezichaza njengento enomthelela ez’nkingeni ezikhungethe izwe ezifana nokugxila kulo uphuzo oludakayo, udlame lobulili kanye nezingozi zomgwaqo.



