Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Njengoba kuleliviki kuqale imikhankaso yokuqwashisa ngokuvikelwa kwezingane uHulumeni wakuleli usunxuse izikhamuzi ukuthi zizibophozele ukuqinisekiseni ukuthi izingane zikhulela ezweni eliphephile.

I-National Child Protection Week kulonyaka ingaphansi kwesiqubulo esithi: “Working Together in Ending Violence Against Children.

“Okhulumela uHulumeni uNonkululeko Mtshali uthi ukuvikelwa kwabantwana kudlami, ukuxhaphazeka bokugqilazwa kuyinto ekumele kuliwe nayo njengalokhu nomthethosiseko ubavikela.

Lomkhankaso uza nje, izwe lisanda kushayela ihlombe isinqumo senkantolo ephakeme eKapa, ngokugweba abantu abathathu udilika jele umuntu ngamunye ngamacala okushushumbisa umuntu.

Kulaba abagwetshwa kubalwa nomama wentombazanyana ena-7 weminyaka uJoshlin Smith, okumanje engaziwa ukuthi yaphelelaphi kulandela ukushushumbiswa umama wayo esebenzisana nesoka lakhe kanye nomngani walo.

Khonamanjalo uNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi KwaZulu-Natal uMbali Shinga, uthi isifundazwe siyaqhubeka nokubamba iqhaza emkhankasweni we Child Protection Week, enxusa ukuthi kuqinisekiswe ukuphepha kwabantwana futhi banikwe nethuba lokuthi bakhule endaweni ephephile.