By: Xolani Khumalo
Inhlangano ebhekelele ukudayiswa nokuthengwa kwemikhiqizo yenyama, iAssociation of Meat Importers and Exporters, isinxuse uhulumeni ukuthi avulele amazwe amasango osekuhlonzwe ukuthi usuphelile umkhuhlane wezinyoni, nezinkukhu, iBird Flu, ukuze ezokwazi ukuqhubeka nokuhweba.
Njengemizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwalolubhunano lomkhuhlane obeka engcupheni imfuyo, uhulumeni waseNingizimu Afrika ubesakuvalile okwesikhashana ukuhwebelana namanye amazwe ekubikwe ukuthi asahlaselwe ilomkhuhlane.
Amazwe esekebikwe ukuthi aseyinqandile iBird Flu, kubalwa i-France, Sweden, Denmark, kanye ne Belgium.
Oyisikhulu esiphezulu senhlangano iMeat Exporters u-Imameleng Mothebe, uthi abakhiqizi bakuleli bathwele kanzima njengoba bengakwazi ukuhlangabezana nezidingo zomthamo omningi wabantu abadinga inyama ikakhulukazi le esuke iqhamuka kwamanye amazwe.