Skip to main content

By: Bright Ntuli  

Ungqongqoshe womnyango wezasekhaya uLeon Schreiber useveze ubuchwepheshe bezinsizakusebenza ezizolekelela ukuqinisa umsebenzi wokuqapha imingcele yakuleli. 

Kulobuchwepheshe kubalwa imishini emine enophephela eyakhelwa namakhamera ezodizela phezulu emingceleleni, kube os’gixamabhande bamakhamera emancane angu-40 azogqokwa ngaphezu kwe-Uniform yonogada. 

UNgqongqoshe uthi labophephela bazosetshenziswa kusukela ngempelasonto yephasika, ukuqapha ukuthi abekho abantu abazama ungena emngceleni yakuleli ngokungemthetho. 

Uqhuba ngokuthi ngalendlela bazama ukulwisana nenkohlakalo, kuphinde kuqiniswe ukuphepha kwezwe. 

Uthi-ke sekuqalile nokuqeqeshwa konogada bemingcele.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/yBR525wzpmZ1MXqQ&podcast_id=19414ae0-e8e5-4b9d-b75f-03db2c048f96″ width=”100%” height=”200″]