Lithe Ukwehla Kancane Izinga Labangasebenzi

Written by on 16 August, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Imibiko yakamuva ekhishwe u-Stats SA ikhombisa ukuthi abantu besifazane basazinikela ekuthatheni imisebenzi eholela kancane uma beqhathaniswa nabantu besilisa.

Lokhu kulandela ukuphuma kombiko oveza ukuthi izinga labangasebenzi eNingizimu Afrika lehle ngo-0.3% uma liqhathaniswa nekota edlule.

Lokhu sekunyuse isibalo sabantu abasebenzayo saba ku-32.6% uma kubhekwa ekuqaleni kwa-April kuya ekupheleni kuka-June kulonyaka.

Oyisikhulu sakwa-Stats SA uRisenga Maluleke uthi imboni yezokuthutha , ezokukhiqiza, kanjalo neyezezimali yizona ezikhombise ukwenyuka kwesibalo sokuphela kwemisebenzi kule kota.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background