By: Sthulile Mdletshe
Iqembu i-MK party lithi kubukeka sengathi umthetho ezinkantolo kuleli usakhetha iphela emasini.
Lokhu kulandela ukuboshwa kwamalunga e-MK party ePhalamende, u-Brian Molefe noSiyabonga Gama.
Laba bobabili baphume ngebheyili ka-R50,000 umuntu ngamunye kulandela ukuzinikela kuphiko loKlebe njengoba kuqhubeka uphenyo mayelana nezinsolo zokuhlomula kwithenda yezitimela yemali elinganiselwa ku-R93 million.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuqhubeka ikhomishana eyayiphenya izinsolo zokugwamanda amandla ombuso phecelezi i-state capture, uGama no Molefe abanye ababesolwa ngokubhubhudla izimali zombuso ngesikhathi besayizikhulu zakwa Transnet.
Okhulumela MK party uNhlamulo Ndhlela uthi ukholelwa ukuthi kunetulo lokuketula abantu abamnyama ezikhundleni.