Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Inhlangano ebhekele ezemishwalense kuleli i-South African Insurance Association isixwayise abashayeli ngobungozi bokuthenga u petrol ngezigubhu bawugcine emakhaya.

Lenhlangano ithi lokhu kuyingozi kwezokuphepha, ezempilo kanye nezemvelo kanti futhi kungadala ukuthi uma kwenzeke ingozi umshwalense ungakhokhi.

Kubikwa ukuthi abanye abathengi sebeqalile ukugcina umthamo omkhulu kapetrol emakhaya abo ngenxa yokwesabela ukuphela kwawo njengoba impi yamazwe anothe ngo oyela e-Middle East iqhubeka.

Omasipala abaningi bayabavumela abahlali ukuthi bagcine amalitha angu-20 kuya kwangu-25 kapetrol ezitsheni ezigunyaziwe ukuze usetshenziselwe amathuluzi ajwayelekile nokubalwa kuwo umshini wokugunda utshani.

OyiTechnical Expert kwa SA Insurance Association, uMosidi Shomang ekhuluma nenhlangano yezokusakaza kuleli uthi ukugcina upetrol ongaphezu kwenani elibekiwe kuphambene nomthetho.