By: Nompendulo Ngubane
UNgqongqoshe WezokuHlaliswa KwaBantu kuzwelonke uThembi Simelane uthi uhlelo lokwakha izindlu, zomakadebona bombutho wezempi bakuleli kuhloswe ngakho ukubuyisa isithunzi nenhlonipho kulezi zingqalabutho.
USimelane usho kanje njengoba namuhla kunikezwe ngokusemthethweni ngezindlu kuma Military Veterans eMshwati, eTrustfeed ngaphandle kwedolobha iMaritzburg.
“Sithanda ukubonga omeya bobabili ngokuhlinzeka ngomhlaba, nokunaka abantu abanye babo ekungasibona bokuzwalwa kulendawo- ngoba loluhlelo luhlose ukubiyisa isithunzi komakadebona bezimpi bakuleli.
Kwezinye izindawo nakomasipala, umhlaba awutholakali kalula kanti ke loluhlelo kade seluthathe isikhathi eside, yingakho sithanda ukubonga kakhulu ngokunikwa umhlaba ekwakhiwe kuwo lezindlu,” kubeka uSimelane.
Lezi zindlu ziyingxenye yohlelo lokuthuthukisa kabusha indawo yaseMshwathi olwaziwa nge-Integrated Redevelopment Programme, kanti luzokwakha izindlu ezingu-2 922 uma seluphelile.
Kumanje selwakhe izindlu ezingu 744.



