Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Isikhungo sezamasiko iNomkhubulwane Cultural Institute eKZN, sithi sizoqhubeka nokuhlola amantombazane ubuntombi bawo, yize sekuphume umyalelo wokuthi siyeke ukwenza lokhu.

Lomyalelo okhishwe yikhomishana evikela iphinde iqhakambise ukuhlonishwa kwamasiko, inkolo kanye nolwimi emphakathini iCRL, uvimbela ukuthi kuhlolwe amantombazane asengaphansi kweminyaka engu-16 ubudala.

I-Nomokhubulwane Institute ithi ukuhlolwa kwezintombi kungenye yezindlela zokulekelela amantombazane ekutheni agweme ukuzibandakanya nezenzo zocansi esemancane, aphinde agweme ukukhulelwa, izifo zocansi, kanjalo nokukhuthaza ukuziphatha kahle.

Nokho, iCRL ithi isinqumo sokuvimbela ukuhlolwa kwamantombazane angaphansi kweminyaka engu-16, siyindlela yokuvikela izingane.

Owasungula iNomkhubulwane Institute uNomagugu Ngobese uthi uhulumeni akumele avalele ngaphandle izenzo zamasiko ezilekelela imphakathi.