Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Owayengumsizi ka Ace Magashule ngesikhathi esangu Ndunankulu wase Free States u-Moroadi Cholota, uthi ukuboshwa kwakhe eMelika abuyiselwe kuleli lengabade kwakungekho emthethweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule uphiko lwezokushushisa i NPA lwalanda u Cholota eMelika lapho ayesehlala khona lufuna ukuthi azobhekana namacala abethweswe wona kuleli. 

Ungomunye wabasolwa abangu-18 ecaleni elihlobene nenkohlakalo ethinta ithenda lokukhishwa ko asbestos ezindlini zakudala nokuwuhlelo olwadla imali engu R250,000,000.

Namuhla iNPA ivele phambi kwe Nkantolo eNkulu yaseFree state ukuzophendula ngokuboshwa kuka Cholota yiziphathimandla zaseMelika ukuthi ngabe yalandelwa yonke yini imigomo efanele ngaphambi kokuthi aboshwe.

Lalela izindaba eziphelele ngezansi:

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/W7NWDwvZXXRp5RqQ&podcast_id=189e9a62-dfdf-40c7-bfdb-04a7aa7a2905″ width=”100%” height=”200″]