By: Xolani Khumalo
Abakwa Red Meat Industry Services sebesungule isikhungo sesikhashane emzamweni yokuphendula masinye esimweni esiphuthumayo sokunqanda ukubheduka kwamatele asethe chithasaka nakuleli lengabade.
Lesifo esihlasela imfuyo, sesibikwe ezifundazweni ezahlukene okubalwa kuzo neKwaZulu-Natal, Eastern Cape, Gauteng kanye neMpumalanga.
Okhulumela i-Red Meat Industry Services uDewald Olivier uthi abakubheke kakhulu ukuvikela inyama ebomvu, nokuqinisekisa ukuthi lomkhakha uyakhula ngaphandle kokuthikamezeka.
“I-RMIS yasungulelwa sona isikhathi esibucayi njengalesi, ukuhlinzeka ngobuholi obubumbene, ubuchwepheshe, kanye nezixazululo ngokusebenza ngokubambisana nohulumeni kanye nabalingani kulemboni.”
Uqhuba ngokuthi imizamo yabo izobumba ikusasa elivikelekile, futhi elinokuncintisana embonini.
Lesikhungo sesinxuse abalini eNingazimu Africa yonkana ukuthi baqaphele baphinde bazame ukuvikela imfuyo yabo ngasosonke isikhathi.