By: Zilungile Mkhize
Icala lokubulawa komrepa uKiernan AKA Forbes nomngani wakhe uTebello Motsoane, nelibhekene nabalisa abahlanu, selihlehliselwe umhlaka 12 Jun walonyaka.
Lelicala liqulwe okokuqala namuhla eDurban High Court kanti abasolwa abahlanu kwabayisikhombisa bebekhona enkantolo.
Namhlanje ijaji lithole ukuthi omunye wabameli akakwazanga ukuba senkantolo ngenxa yokuthi useSwatini lapho emele khona abanye abasolwa abayizelamani ababili nekusazanywa ukuthi babuyiselwe eNingizimu Africa.
Bonke labasolwa babhekene namacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokuhlela ukubulala.
Okhulumela iNPA eKZN uNatasha Ramikisson-Kara uthi inkantolo yakhipha umyalelo wokuthi abasolwa babuyiswe eSwatini bezekuleli kodwa bafaka isaziso sesikhalo, kanti kuvele nokuthi lesikhalo sifakwe sekudlule isikhathi nokuholele ekutheni sibhuntshe.



