By: Noluthando Mchunu
Umnyango wakwaCogta KwaZulu-Natal uthi usujube ithimba elibhekelele izinhlekele emva kokubuyekezwa kwesixwayiso sesimo sezulu ebesikhishelwe lesifundazwe senyuselwa kuLevel 6.
Phambilini umnyango ububike ngoLevel 2 wezimvula ezihambisana, nesiphepho kanye nokuduma kwezulu ukusukela kusasa.
Izifunda okubalwa kuzo i-Zululand, Umkhanyakude, iKing Cetshwayo noGu, yizona esezixwayiswe ngo Level 6, besekuthi eThekwini namaphakathi nesifundazwe khona kuxwayiswa ngo Level 4 ohambisana kakhulu nokuduma kwezulu.
Okhulumela umnyango uSenzelwe Mzila usenxuse abantu, ikakhulukazi labo abakhe eduze nemimfula ukuthi baqaphele ngalesikhathi.
“UNgqongqoshe uButhelezi ukhuthaza izakhamuzi ukuba lesisimo sezulu zisiqaphele kakhulu njengoba singase sibeke engcupheni izimpilo kanti amathimba ezinhlekelele azoqhubeka nokuqapha ngeso elibanzi izindawo ekulindeleke ukuthi zikhahlamezeke,” kubeka uMzila.



