By: Zilungile Mkhize
UNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana uVelenkosini Hlabisa uthi sisengenyuka futhi isibalo sabantu abashone eEastern Cape, ngenxa yezikhukhula, njengoba lesibalo sesifinyelele ku-57.
uHlabisa uhambele lesiyasifundazwe ukuyohlola umonakalo kulandela imvula enamandla, ukukhithika kanye namakhaza ahlasele khona kulelisonto.
Izolo ntambama bese kutholakale izidumbu zabantu ezingu-49, njengoba lesibalo manje sesenyukele ku-57.
UHlabisa uthi umkhankaso wokukhuculula kulungiswe lapho konakele khona uyaqhubeka, kanjalo nowokuthungatha amalungu emindeni abike ukuthi kunabathandiweyo bayo abangakatholakali namanje.
Uphinde wadlulisa namazwi enduduzo emindenini elahlekelwe ngamalungu ayo kulezikhukhula wanxusa nabezindaba ukuthi babike ngokucophelela ngalenhlekelele.