By: Phakeme Mnguni
UNgqongqoshe wakwa Cogta KwaZulu-Natal uThulasizwe Buthelezi uthi amakhosi alushayele ihlombe uhlelo lwesikhwama sezimpesheni asethule izolo esishayamthetho esidala oLundi, enyakatho nesifundazwe.
Loluhlelo lwempesheni yamakhosi lunezigaba ezintathu, nokubalwa kuzo iMedical Aid, Retirement fund kanye ne Legacy plan.
UButhelezi onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uveze ukubaluleka kwalolu hlelo ngesikhathi ehlangene eNdlunkulu yesiFundazwe saKwaZulu-Natali nabaholi boMdabu namaKhoi San.
Ngaphansi kwalolu hlelo lwamafa wonke amakhosi esifundazweni azohlomula ngokuthola izinsiza ezibalulekile okubalwa kuzo iMedical Aid, Isikhwama Sempesheni, namathuba ehlukene okutshala imali.
UButhelezi uthi imali yalesikhwama izobhekwa yi Standard Bank, egcizelela ngokuthi loluhlelo luzosimamisa nesithunzi samakhosi.